11. LALELA UGCINE IZIMPAWU ZOKWEXWAYISWA
Ukuhlaselwa kungavinjelwe ngokuqaphela izimpawu zokwexwayisa
ngokuhlaselwa kwepulazi kanti umphakathi ungahlonyiswa ukuze
ukwazi ukubhekana naleyo ngozi. Ngakho-ke kubalulekile ukuhlala
uqaphele lezo zimpawu zokwexwayisa nokubikela abezobuhloli
bakuleyo ndawo noma ngelinye ilunga loMbutho wezokuPhepha. Lokhu
okulandelayo izibonelo zezimpawu zokwexwayisa:
11.1 Ukubakhona kwabantu abangaziwa, noma abahambahamba
endaweni ngaphandle kwesizathu esizwakalayo
11.2 Abantu abangaziwa abahamba ngezimoto emgwaqeni wepulazi
noma bagxumeke amathende endaweni. Qaphela izindlela
ezingajwayelekile.
11.3 Ukufa kwenja egadile okungachazeki.
11.4 Bheka ubufakazi bokuba khona kwabangene bengenamvume,
njengamabhodlela angenalutho noma amathini; amagobolodo
ezinhlamvu; izicuncu zamaphepha, izikinombo; izicibi zendwangu;
izinyawo noma imilobo yezicathulo; imilotha ekhombisa ukuthi
bekubaswe umlilo endaweni obekugxunyekwe intende kuyo; imisele
yamazi; izinsalela zokudla; izinqamu zikagwayi, amabhokisi
angenalutho; indle; intambo; ukwephuka kwamagatsha kanye
nezikhwama zamaplastikhi. Lobu bufakazi bungakha umfanekiso
othile.
11.5 Uma ngabe inezinsolo, dlana indlebe nomakhelwane wakho.
11.6 Qaphela ukuwebiwa kokudla, uphethilomu, imfuyo noma
izilwane zasendle, nokunye.
11.7 Abantu abangaziwa abangena epulazini ngezizathu
ezizwakalayo noma abangenabungozi bese bezama ukuhlola indawo
benganakiwe.
11.8 Qaphela izenzo ezingajwayelekile ezenziwa izinyoni noma
izilwane – zingakhombisa ukuthi kukhona umuntu okhona.
11.9 Qaphela ukuthi akunazimpawu phansi ezingakhombisa ukuthi
abantu bachithe isikhathi behlola indlu besengosini ethile.
Izindawo zokulala noma zokuphumula umndeni zijwayele ukuqashelwa
kulezingosi.
11.10 Qaphela abantu abangaziwa abagqoke kahle abamile
ezindaweni lapho kwethulwa noma kuthathwa khona izinqola ekuseni
noma abahambahamba eduze kwendawo yokungena epulazini. Laba
bantu ngokuvamile abawagibeli amatekisi ajwayelekile kodwa
balandwa ngezinye izimoto.
11.11 Abantu abashayela izimoto badlule epulazini
ezintathakusa futhi bakhalise amahutha ukuze bathuse izinja.
11.12 Abantu abangaziwa abazama ukuthenga impahla noma imfuyo
noma abacela usizo ekuseni kakhulu, noma ntambama kakhulu noma
sekuqala ubusuku.
11.13 Qaphela izenzo ezingajwayelekile uzibike emaphoyiseni
noma umholi waleyo ndawo.
back to top
|