SitemapContactsFrequently-asked QuestionsSearchFeedback    
 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 Crime Stop
 08600 10111
 crimestopgauteng  @saps.org.za

 Report
 Child Abuse/images
 
childprotect@saps.org.za

 

 

13. UKUVILIYELA KOKUPHEPHA

13.1 Ukuphendula ongqongqozayo emnyango

13.1.1 Umuntu omdala okufanele aphendule uma kukhona ongqongqozayo emnyango.
13.1.2. Bheka kuqala ukuthi ngubani osemnyango (ngaphambi kokuba uvule) ngokulunguza ngebhobo yomnyango noma ngefasitela noma ngokulalela izwi.
13.1.3 Ungavumeli muntu angene endlini ngaphambi kokuba umazi ukuthi ungubani.
13.1.4 Ungazitsheli ukuthi abantu abagqoke umfaniswano noma inyumfoma noma abantu abaqgoke kahle bathembekile.
13.1.5 Ungami phambi komnyango. Yima eceleni.
13.1.6 Yakha indlela ethile ozokwemukela ngayo izincwadi olethelwe zona ngale kukovula umnyango (kungaba isikhwanyana sokwamukela izincwadi noma ushiye ibhobo phansi komnyango ).
13.1.7 Qiniseka ukuthi iketango elingemuva kwesivalo luxhunyelwe kahle ngesikhathi usazama ukuthola ukuthi ngubani lowo muntu osemnyango.
13.1.8 Uma ngabe ungakholwa kahle ngemuva kokulalela undaba oluyengayo, UNGAWUVULI UMNYANGO UVULELE UMUNTU ONGAMAZI!

13.2. Ukungena ngendlunzula, ukudlwengula nokulimaza

13.2.1 Khalisa I-alamu
13.2.2 Uma kwenzeka, biza abazokusiza.
13.2.3 Zotha, cabanga kahle, mcabangele phambili/ kuqala
13.2.4 bhala phansi imininingwane eminingi ongase uyibhale ngobunjalo balowo muntu;
13.2.5 Ungamcasuli noma uthukuthelise umhlaseli.
13.2.6 Zithibe ekwenzeni izinto ezingase zimthukuthelise. Yima endaweni ethile ungamvumeli umhlaseli adlule kuleyo ndawo. Njengokuthi uhlale phansi.
13.2.8 Ungaphikisani noma ubambe umhlaseli ngaphandle uma wazi ukuthi uzokwazi ukulawula leso simo.
13.2.9 Uqaphele ungathikamezi ubufakazi.
13.2.10 ungazithatheli umthetho ngokwakho.
13.2.11 Ungazivikeli ngokweqile /ungayeqi imigomo yokuzivikela
13.2.12 Uma umbambile umhlaseli munikezele emaphoyiseni ngokushesha.

13.3 Ukubuyela ekhaya

13.3.1 Uma ngabe indoda nenkosikazi befika ekhaya ebusuku, inkosikazi kufanele yona ishayele imoto ize ifike esangweni. Umsakazo wokuxhumana osemotweni kufanele uvulwe, izibani zemoto zaphambili zicishwe. Uma kwenzeka, bangahlola indawo leyo ngokusebenzisa isibani esiphathwa ngesandla ngaphambi kokuba indoda iphume emotweni.
13.3.2 Indoda ingavula isango ngemuva kokuba isihlole yonke indawo eseduze.
13.3.3 Izibani zemoto kufanele zigcinwe zicinyiwe uma imoto isingena esangweni.
13.3.4 Indoda kufanele ihlole indlu negceke elizungeze indlu ibheke ukuthi azikho izinto ezingajwayelike uma besondela endlini.
13.3.5 Imoto kufanele imiswe endaweni lapho kuzoba lula khona ukubaleka.
13.3.6 Uma ngabe sebephumile emotweni kufanele bangene endlini ngokuqaphela.
13.3.7 Kufanele bayishiye isaduma imoto. Indoda kufanele iqiniseke ukuthi indlu nezindawo ezizungeze indlu ziphephile.
13.3.8 Kufanele baqiniseke ukuthi indlu nezindawo ezizungezile ziphephile kuqala ngaphambi kokuba bangene endlini.
13.3.9 Uma ngabe sebenelisekile ukuthi indlu iphephile, wonke umndeni ungangena endlini, bese imoto iyopakwa egalaji.
13.3.1 KHUMBULA: Ungajwayeli ukuhamba wedwa
13.3.11Uma ngabe ubona into engajwayelekile, akufanele amalungu omndeni ayihlole wona ngokwawo leyonto. Kufanele athole usizo noma abaleke.

13.4 Ukuhlaselwa kuhlonyiwe

13.4.1 Yazisa omakhelwane, amaphoyisa noma ukhomanda ngeminingwane yakho neminyakazo yakho.
13.4.2 Khalisa I-alamu ubize omakhelwane bazosiza.
13.4.3 Izingane zigcine endaweni ephephile endlini.
13.4.4 Yima ngasodongweni , ungafulatheli umnyango ovaliwe noma ifasitela.
13.4.5 Dubula nawe uma kunokwenzeka.
13.4.6 Yilwa kuze kufike usizo

13.5 Ukufelwa yimoto

13.5.1 Zama ukuthola ukuthi yini engalungile emotweni.
13.5.2 Thola usizo (sebenzisa umakhalekhukhwini noma umsakazo wokuxhumana kwezakhamuzi)
13.5.3 Zama ukulungisa imoto uma kwenzeka.
13.5.4 Ungahlali phakathi emotweni uma usalinde usizo, kodwa yima endaweni ebuqamamana lapho ibonakala khona imoto.
13.5.5 Yikhiye imoto ulinde usizo.
13.5.6 Thola indawo lapho ungacasha khona budebuduze nemoto kodwa ukwazi ukubona imoto.
13.5.7 Yonke imoto kufanele ihlale inamathuluzi anjengojeke, isikudilayiva nodlawu.

back to top

 

Disclaimer

About the site Copyright

This site is best viewed at a screen resolution of 800 x 600.
Most compatible with Microsoft Internet Explorer, version: 4 and higher.