|
AMALUNGELO ezingane NGUBANI INGANE? Ingane ngumuntu oneminyaka engaphansi kwe18 ubudala. Umthetho omkhulu walapha eNingizimu Afrika, uMthetho-sisekelo, uqinisekisa ukuthi, bonke abantu, abaneminyaka engaphansi kwe18, banamalungelo ezingane. Ngakho-ke zonke izingane eNingizimu Afrika, kanye nezingane ezivela kwamanye amazwe, zinamalungelo. YIMAPHI AMALUNGELO IZINGANE EZINAWO?
IZINGANE ZINELUNGELO LOKUVIKELWA
YINI UKUHLUKUNYEZWA KWENGANE?
IZINGANE ZINELUNGELO LOKUNAKEKELWA FUTHI ZIZIZWE ZIPHEPHILE Abantu abahlukumeza izingane ziyabazi izingane. Bangaba ngabantu abasebenzisa kabi isikhundla noma ukwethenjwa kwabo yizingane futhi okufanele ngabe izingane bayazivikela. Kungenzeka kube ngabazali imbala, abangani, omakhelwane kanye namanye amalungu omndeni. Nokho, lokhu akusho ukuthi bonke abantu abethenjwa yizingane bayazihlukumeza. Izingane zisesimweni esibucayi ikakhulukazi ngezimpelasonto nangamaholide ngesikhathi zizodwa ekhaya. Abazali nalabo abazinakekelayo kufanele njalo bahlale bazi ukuthi izingane zabo zikuphi futhi zinobani. Izingane nabazinakekelayo kufanele njalo benze lokho okuzohlomulisa ingane. Ukuvikelwa kwengane kuqala ekhaya emndenini. UHLELO LOKUVIKELA IZINGANE. Tshela omunye umuntu:
QAPHELA, PHEPHA Yazi ngamalungelo akho njengengane. Unelungelo LOKWENQABA uma kukhona umuntu okwenza okuthile noma osho izinto obona ukuthi azilungile(ngisho nabazali bakho). Lokhu kumbandakanya umuntu ozama ukuthinta umzimba wakho noma okucela ukuthi wenze okuthile okungakuphathi kahle. Funda ngezinto ongaziqondi kahle njengocansi, iNgculazi, ukuthi izingane zizalwa kanjani, ukuthi yini ukuhlukunyezwa ngokocansi, ngokomphefumulo nangokomzimba. Ingane eqaphelayo yingane evikelekile kahle. Zithande Zigqaje ngomzimba wakho, ngowakho impilo yakho yonke. Zihloniphe uhloniphe nabanye Ihloniphe impilo yakho - ukhethekile. Zithembe Uyintombazane noma umfana, ucebile noma umpofu, ukhuluphele noma uzacile - ziphathe ngokuzithemba Yazi ukuthi ungahamba ugcinephi nomunye umuntu, uyazi futhi nemikhawulo abantu abanayo ngawe. Mantombazane nani bafana, vikelanani nimelane kulokho okulungile. Khumbulani, ukunqanda ubugebengu obubhekiswe ezinganeni ngumsebenzi wawo wonke umuntu. Khumbulani, ukunqanda ubugebengu obubhekiswe ezinganeni ngumsebenzi wawo wonke umuntu. UMA NGABE UHLUKUNYEZIWE NOMA USOLA UKUTHI INGANE IYAHLUKUNYEZWA, SHAYELA AMAPHOYISA ASENINGIZIMU AFRIKA UCINGO: |